INkosi uMisuzulu kuthiwa isabisa ngokubulala uSihle Sibisi

Ukuputshuka komsindo weSilo uMisuzulu kaZwelithini okusolakala ukuthi sisabisa owesifazane othi wayeyintombi yakhe usabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Lo msindo oqoshwe nguSihle Sibisi othi uke wajola neNkosi uMisuzulu uveza inkulumo eshaqisayo lapho uSibisi ethi okaZwelithini umsabisa ngokumbulala.

USibisi oyisishoshovu esimelene nodlame olubhekiswe kwabesifazane, uthe usehlala ovalweni ngemuva kokusatshiswa wathola inqwaba yezingcingo zivela kubantu besabisa ngokumbulala.

Ukuthandana kukaSihle Sibisi neNkosi uMisuzulu kwachazwa kabanzi ephephandabeni i-City Press.

Leli phephandaba libika ukuthi uSibisi uhlangane neSilo ngesikhathi kunomcimbi waminyaka yonke womhlanga obuseNdlunkulu Enyokeni KwaNongoma, KwaZulu-Natal.

USibisi uthi wabe esebizelwa eNkosini ngu-anti wakhe owamazisa ukuthi okaZwelithini ufuna ukumbona ngasese.

Akuphelanga sikhathi esingakanani uSibisi nokaZwelithini base beqala ukuthandana, kusobala ukuthi wayesemcele ukuthi aye emtholampilo wokuzala ukuze ahlole ukuthi wenzani.

Yize uSihle Sibisi ethi wenqaba iSilo izikhathi ezimbili ukuya ocansini, wagcina evumele ukuncenga kanye nokuyenga bayolala nabo.

Ngokusho kukaSibisi ubudlelwano babo baphela ngenxa yokuthi uNdlunkulu wambiza ngongena endlini.

Lolu shicilelo kuthiwa lunezingxoxo eziningi ezilalelwayo phakathi kweNkosi uMisuzulu noSibisi okuthiwa ziqinisekisa ubudlelwano babo, naye eveza ukuthi uyamthanda.

Nokho engxoxweni eputshuziwe yomsindo, kuzwakala owesilisa okuthiwa yiNkosi uMisuzulu esabisa ngokushaya abulale uSibisi.

USibisi uthi uyajabula ukuthi izinto ziphelile ngeSilo uMisuzulu ngoba umdlalo nezimpi eSigodlweni bezingabekezeleleki.

Uphinde wathi akuyena yedwa owesifazane owayelala neSilo, wathi kunedlanzana lezinye izintokazi ezisesithombeni ngesikhathi enaso.

Inkosi uMisuzulu iganwe yiNdlovukazi uNtokozo Mayisela-Zulu.

https://youtu.be/rFv53bmki7k

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE