Ikhansela lisolwa ngokubulala owesilisa owatholwa eshonile wafihlwa ehlathini

Kusolwa ikhansela ngowesilisa osekuphele izinyanga ezintathu edukile, isidumbu sakhe satholwa sicwiyiwe salahlwa ehlathini eligudla ujantshi wesitimela phakathi kwamafemu KwaSithebe eMandeni ngeledlule.

UMnu Siyabonga Makhoba oneminyaka engu-40 ubudala kuthiwa ugcine ukubonakala ngoFebhuwari 7 nonyaka evakashele abangani bakhe.

Isidumbu sakhe sitholwe sisagqoke izingubo ezifanayo nalezi anyamalala kuzo.

Umndeni kaMakhoba usola ikhansela kwesinye sezigceme KwaSithebe njengoba ngesikhathi liduka kuke kwaba namahlebezi ezinsongo ezibhekiswe kulo.

Lawa mahlebezi alandela ngemuva kokungaboni ngaso linye ngemali okwakumele ikhansela likhokhele umufi ukuze avale icala lokushaya, ukuzama ukubulala nokuthumba ebelibekwe lona. Kusolwa ukuthi ikhansela lenza lokhu limsola ngokweba uthayela walo.

Umfowabo kamufi uMnu Mthoko Makhoba, ebalisa uthe ngoNovemba nyakenye umsolwa nabangani bakhe bathumba umufi. Kuthiwa bamdonse ngemoto eboshwe izandla nezinyawo bamshaya bemsola ngokweba uthayela okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi alizange lithathwe nguye.

“Emuva kwalokho sahlangana kwavulwa icala emaphoyiseni aseSundumbili kwathi ngomhlaka 14 Januwari ikhansela lahlangana nomndeni lafisa ukuthi icala lichithwe.

“Umfowethu wafuna u-R50 000 ngokulimala kwakhe, ikhansela lathi lingamkhokhela u-R25 000, kwagcina kungavunyelwanga,” usho kanje.
Uthe uzwe ngabanye abantu ukuthi ikhansela liyasabisa ngokuthi ngeke limkhokhele ngoba “liyiphara”.

Ngemuva kwamasonto amathathu kuqale umhlangano umufi wanyamalala njengoba isidumbu sakhe satholwa ngayizolo.

UMakhoba uphinde wagxeka umphenyi wecala elithweswe ikhansela ngokuhudula izinyawo eqoqa ubufakazi njengoba nefomu lokulimala iJ88, (selibonile Isolezwe) likhombisa ukuthi umufi walimala kanzima ngesikhathi evulela umsolwa icala.

Uveze ukuthi batshelwe ukuthi icala ebelibhekene nekhansela lahoxiswa ngenxa yokushoda kobufakazi, lolu lwazi lwafinyelela emndenini kamufi owanyamalala singakatholakali isidumbu.

Yize umndeni uthumele intatheli yonke imininingwane ngombiko wecala elibhekene nekhansela lokushaya, ukuthumba nelokuzama ukubulala okubalwa nenombolo yecala elivulwe esiteshini samaphoyisa eSundumbili, amaphoyisa akuqinisekisile ukutholakala kwamathambo abantu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNyoni avule uphenyo ngokufa komuntu.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE