Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-18 ngecala lokudlwengula udadewabo omncane

Amaphoyisa aseChatsworth kanye ne-PT Alarms eThekwini babambisene ukubopha umsolwa wesilisa oneminyaka engu-18 ngecala lokudlwengula.

NgeSonto, ngomhla zingu-28 kuMbasa 2024 ngezithuba zabo-10:00 ekuseni,abe-PT Alarms eThekwini kanye namaphoyisa bathola isimangalo ngengane eyadlwengulwa umfowabo omdala ezigamekweni ezimbili ezahlukene base belandela ngokushesha imininingwane.

Ngesikhathi efika kule ndawo, umsolwa oneminyaka engu-18 ubudala uboshwe wayiswa esiteshini samaphoyisa eChatsworth lapho ebekwe khona icala lokudlwengula wagqunywa esitokisini, udadewabo omncane waphuthunyiswa esibhedlela i-RK Khan lapho elashwa khona nokwelulekwa.

Umsolwa uzovela maduze enkantolo ukuze abhekane naleli cala, uphenyo lusaqhubeka ngalolu daba.

Amaphoyisa ancoma umakhelwane owazi ngalesi simo wabe esebikela unina wentombazane, ngaphandle kokwazi kwakhe umsolwa ubezoqhubeka nokunukubeza udadewabo omncane ngokocansi.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE