Umsakazi uzovulela icala owesifazane ombize ngesitabane

Umsakazi weNongoma FM uNqubeko Ndlela ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ezwakalisa ukungenami kwakhe kulandela ukuthi owesifazane ogama lakhe nguSiphesihle Mdlalose embiza ngesitabane namuhla ngoLwesibili kuFacebook.

“Usengithuke wangibiza nge-STABANE nangu usisi wakwa Nongoma public ngingamenzanga lutho nolu ncu….”

“Ngizoya esiteshini samaphoyisa ekuseni ngiyobuza ukuthi kulungile yini ukuthi ngithukwe ngale ndlela phambi kwabantu,” kubika uNqubeko.

NgoLwesibili kusihlwa ikhasi likaNqubeko kuFacebook livutha bhe ngezindaba zokuthi ubizwe ngesitabane njengoba abalandeli bakhe bedinwe begane unwabu bethi akashushiswe lo wesifazane ombize ngesitabane.

UNqubeko uphinde waveza ukuthi usekhulumile namaphoyisa ngalolu daba, kanti uhlobo lwecala azolivula kusasa, ngoLwesithathu libizwa nge-CRIMEN INJURIA.

Yize kubalulekile ukuthi sonke sikhulume ezinkundleni zokuxhumana zanoma yiluphi uhlobo,kodwa akufanele sikhohlwe ezinye izinhlobo zokucwasa ngokubiza abanye abantu ngamagama anohlevane.

Uthini umbono wakho ngalolu daba, shiya eyakho imicabango esigabeni sokuphawula esingezansi.

Izithombe: Zicashunwe ku-Facebook @https://www.facebook.com/RealNqubekondlela

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE