Error

Umfundisi ugwazwe wabulawa ngumakhelwane wakhe

Owesilisa ogwaze wabulala umfundisi webandla i-United Congregational Church Of Southern Africa (UCCSA), eMkhomazi uthi uhlaselwe ngusathane embulala.

Kubikwa ukuthi uMfundisi Khulekani Mbili, 52, ugwazwe washona ngumfana wakwamakhelwane wakhe abejwayelene naye.

Kuthiwa isidumbu sakhe sitholwe yilungu lebandla emzini walo sidindilize edamini legazi, sinamanxeba amaningi emzimbeni. Ngokuthola kweLANGA, uMbili ubehlala yedwa emzini wakhe, umsolwa ubemsiza ngemisebenzi emincane yasendlini, amwashele imoto, amkhelele namanzi.

ILANGA lithole ukuthi umsolwa wenze lokhu ngoba esola uMbili ngokweba amandla akhe okomoya. Umthombo wephephandaba Ilanga uthe ngoLwesibili uMbili uzoba nomhlangano nelinye ilungu lebandla ekuseni.

Ngesikhathi ilunga lebandla lifika emzini walo, lamemeza esangweni, kodwa wangaphuma. Umthombo uqhuba uthi ubelokhu engqongqoza kungavuli muntu, wabe esephoqeleka ukuthi angene azithele phezu kwesidumbu somfundisi. Wahlaba umkhosi komakhelwane, kwabizwa amaphoyisa.

Ngesikhathi amaphoyisa efika umsolwa waya kuwo wavuma ukuthi uyena owabulala uMbili maqede waxolisa ethi uhlaselwe nguSathane.

UNkk Ningi Ngcobo, onguNobhala we-UCCSA KwaZulu-Natal, uthe bashaqekile ngokubulawa ngesihluku kukaMbili. Uthe sebewuthintile umndeni wakhe, kodwa basasidinga isikhathi njengoba kusanda kwenzeka lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa abophe umsolwa okulindeleke avele enkantolo maduze.

1 thought on “Umfundisi ugwazwe wabulawa ngumakhelwane wakhe

Comments are closed.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE