Error

Kusaqhubeka ukuthungathwa kwengane eneminyaka engu-6 ubudala elahlekile

Kusaqhubeka ukuthungathwa kwengane eneminyaka engu-6 ubudala uJunior Mabandla elahlekile

Namuhla kuphela iviki elilodwa kwaduka uJunior Mabandla, wasePienaar, eMpumalanga.

Umfanyana wagcina ukubonakala ephuma ekhaya labazali bakhe ngomhlaka-3 kule nyanga, kubikwa ukuthi wayeyothenga amaswidi espaza shop esiseduze.

Ugcine ukubonakala egqoke ijezi eliBlue nebhulukwe eliMnyama.

Kusukela ngalelo langa amaphoyisa namalungu omphakathi amthungatha kodwa lutho.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uDonald Mdhluli unxusa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi uJunior ukuthi aphumele obala…

“Amaphoyisa enza konke okusemandleni ukuthola lo mfanyana. Silethe iyunithi ye-K9 kanye ne-airwing futhi sisebenzisa zonke izinsiza ezitholakalayo ukuthola ingane. Sisanxusa amalungu omphakathi angaba nolwazi ngokuthi ukuphi nanoma yiluphi ulwazi olungaholela ekutheni amaphoyisa athole umfana omncane,” kusho uMdhluli.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE