Intombazane eneminyaka engu-7 ubudala idlwengulwe ngumfundi kaGrade-7 endlini yangasese yesikole

Intombazane eneminyaka engu-7 ubudala efunda uGrade 2,isale ihlukumezekile ngemuva kokudlwengulwa ngumfundi kaGrade-7 endlini yangasese yesikole.

Amaphoyisa aseqale uphenyo ngesigameko sokudlwengulwa kwengane eneminyaka engu-7 ubudala esikoleni samabanga aphansi esigodini saseShongoane.

ISIKHANGISO

NgoLwesihlanu, zingu-29 kuMbasa 2024, umfundi weBanga lesikhombisa-7 wathatha umfundi oneminyaka engu-7 ubudala wakwaGrade 2 wamyisa endlini yangasese lapho amdlwengula khona.Sekuphume isikole intombazane yafika ekhaya yaqala ukukhononda ngemilenze yayo ebuhlungu kunina.

Unina wahlola intombazane, wayibeka phezu kombhede wayibheka, noyilapho-ke ebone khona ukuthi kukhona okungahambi kahle esithweni sangasese sendodakazi yakhe wabe eseyiyisa emtholampilo wendawo ukuze ayohlolwa. Kwenziwa ukuhlolwa kodokotela udokotela waqinisekisa ukuthi intombazane idlwenguliwe.

Umama akapholisanga maseko wayovulela umfana icala lokudlwengula, nokho umfana akaboshwanga.

Uphenyo ngalolu daba lusaqhubeka.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE