UFloyd Shivambu uthole iDegree yakhe yesibili yeMasters eNyuvesi yaseLondon

IPhini likaMengameli we-Economic Freedom Frighters u-Floyd Nyiko Shivambu uthweswe iziqu ze-Master of Science in International Development e-University of London’s School of Oriental and African Studies.

Ngokwesitatimende esikhishwe yi-EFF, i-MSc International Development iyi-degree yesibili yePhini likaMengameli we-EFF, ngemuva kokuklonyeliswa ngeziqu ze-Master of Arts yi-Wits University ngo-2014.

Isihloko socwaningo luka-Shivambu kanye noshicilelo lwalumayelana nokuhlola ukuthi ubudlelwano bezomnotho be-People’s Republic of China nezwekazi lase-Afrika bumele yininiyokoloniyalizim.

I-Economic Freedom Fighters iveze umcimbi wakhe wokuthweswa iziqu ezinkundleni zokuxhumana.l

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE