Owesilisa ugwaze wabulala umakhelwane wakhe kubangwa ukunqamula egcekeni ebusuku

Owesilisa ugwaze wabulala umakhelwane wakhe maqede wamnquma uqhoqhoqho kubangwa ukunqamula egcekeni ebusuku.

UGundi Mlangeni oneminyaka engu-22 ubudala waseBergville ubewela igceke ebusuku kubo kaKarabo Kubheka, oneminyaka 21 ubudala.

UKarabo waphuma endlini wambuza ukuthi ufunani egcekeni lakubo ebusuku, uzothakatha na, emva kwalokho kwaba nengxabano phakathi kwabo, uGundi walanda ummese ekhaya kubo wabuya wamkhiphela ngaphandle wamgwaza ngommese, wamnquma uqhoqhoqho maqede waphonsa isidumbu sakhe edamini.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE