Ushonile owesifazane owayekiswa umfundisi wakhe ukudla imishanguzo yakhe

Ushonile owesifazane owatshelwa umfundisi wakhe ukuthi akayeke ukudla imishanguzo yakhe

Amalungu omphakathi afuna kuvalwe ibandla eliyalela abantu ukuthi bayeke ukudla imishanguzo yezifo ezahlukene. Umndeni waseSikhaleni, oshonelwe ngunina ojoyine leli bandla. Umama oshonile kuthiwa ubengasawadli amaphilisi ngemuva kokuthi kuphume isiphrofetho esontweni sokuthi abayeke yonke into eyimishanguzo baphile “ngeZwi LikaJesu”.

Umthombo ukhulume nowesilisa ukuthi unkosikazi wakhe wayeka imishanguzo yakhe ye-HIV ne-TB ngemuva kokuhambela leli bandla, elibizwa ngeHouse of Redemption, uthe unkosikazi wakhe waqala ukuvakashela ibandla elisha kule ndawo ngonyaka odlule. Uthe leli bandla likwenye indlu eSikhaleni.

Umufi uphinde abe nguMfundisi ebandleni labasindisiwe. Uthe owajoyinwa umkakhe naye usindisiwe kodwa izimfundiso zakhe zihlukile.

“Umkami uqale evakashile kuleli sonto, wabe esehamba ethi bayokhuleka ebusuku kodwa ngokuhamba kwesikhathi wangitshela ukuthi useyahamba wethu uyokhonza kwelisha. Nalapho angibanga nankinga ngoba umuntu unelungelo lokukhonza lapho ethanda khona Inkinga iqale lapho ngimbona eshona uma ngibuza ukuthi kwenzakalani akazange aqhamuke nempendulo eqondile,” kusho lo mlisa.

ekhaya ngamyisa emtholampilo, wafika wadluliselwa esibhedlela ngoba onesi bebona ukuthi ugula kakhulu, washona ngoMashi 13, okungiphatha kabi ukuthi umkami wagcina ngokushona ngenxa yokulalela. nesiphrofetho sikaBanal esamtshela ukuthi akayeke imithi esisiza ukuthi siphile ngifisa abezempilo nabezomthetho balithathele izinyathelo leli bandla ngoba basekhona abaya khona,” usho kanje.

Ikhansela lendawo, uMnuz Vincent Sbu Dludla, lithe labikelwa ngokushona kwalo wesifazane kodwa ubengazi ukuthi usonta esontweni elitshela abantu ukuthi bayeke ukudla imishanguzo.

eMnyangweni ziyashaqisa futhi ziyichilo. le mithetho iwukwenza kucace ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokuthola usizo lwezempilo. .Sinxusa abantu ukuthi bangazilaleli izinganekwane ezidukisa isizwe ngokusetshenziswa kwemishanguzo yegciwane lengculazi kanye nengculazi uqobo, ngoba ihloliwe, nokusebenza kwayo kufakazelwa yisayensi.

“Ukusetshenziswa kwale mishanguzo ngendlela efanele – ngaphandle kokwenza amaphutha – kubalulekile ngoba kuqinisa amasosha omzimba, futhi kuyakwazi nokwenza igciwane lingasatholakali egazini.

Siyacela futhi abantu abadla imishanguzo yegciwane lengculazi nengculazi uqobo ukuthi baqonde ukuthi impilo yabo incike kuzo. Akumele bavumele ukudukiswa abanye abantu ngezinqumo ezingabeka izimpilo zabo engcupheni.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE