Owesilisa owabulala unina maqede waphuza igazi lakhe utholwe engenacala

INkantolo yesiFunda eKoster, eNorth West ithole uThabang Moswane oneminyaka engu-24 ubudala, engenacala lokubulala unina maqede aphuze igazi lakhe ngenxa yokugula ngengqondo.

IMantshi uPaul Moeng ikhiphe isinqumo ngokugula kwakhe ngengqondo.

UMoswane waboshwa ngoMeyi 2022 ngokubulala unina ngesikhathi etholakala ephuza igazi likanina enxebeni lokugwazwa.

ISIKHANGISO

Inkantolo ithe ngombiko wodokotela bengqondo, kutholakale ukuthi ukugula kwakhe kwengqondo kumenze wangakwazi ukuqonda ukuthi isenzo sakhe sasingalungile. Kwatholakala ukuthi une-schizophrenia kanye ne-psychosis.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE