Iphoyisa libulale unina wengane labe selizibulala nalo

Iphoyisa eKapa lidubule labulala unina wengane yalo oneminyaka engu-26 ubudala, ingane yakhe ezobe inonyaka owodwa ngenyanga ezayo, ladubula intombazane eneminyaka eyishumi nane (14) engudadewabo kanina wengane. Emuva kwalokho waya emotweni yakhe wazidubula naye washona.

U-Abona Magaba, unina wengane kuvezwe ukuthi kudala ehluhlwa yileli phoyisa kodwa elixolela.

ISIKHANGISO

Izolo ebusuku kufike iphoyisa ku-Abona libhema usikilidi. Uma ebuza umama ka Abona ukuthi kungani ezobhema kwakhe. Kulapho akhiphe khona isibhamu. Unina kamufi ubaleke ememeza ethi izingane zakhe azivale umnyango ngoba iphoyisa beliphethe isibhamu. Nangempela bavalele abantu ngaphakathi kanti iphoyisa liyodubula isicabha ngoba bezama ukungena.

Uthe ebona ukuthi akukuhle wadubula amawindi wangena. Kuthe uma engena ngaphakathi wadubula unina wengane owayevele ecashe ku-wardrobe nengane yakhe. Umndeni uthi sekunesikhathi eside iphoyisa lihlukumeza u-Abona.

Umthombo: Scrolla. Afrika

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE