Error

Iphoyisa ligwaze labulala intombi yalo eyiphoyisa likamasipala weTheku

Iphoyisa ligwaze labulala intombi yalo eyiphoyisa likamasipala weTheku

Iphoyisa likaMasipala weTheku kulindeleke ukuthi livele enkantolo ngoLwesibili ngecala lokubulala intombi yalo. Owesifazane, obe yiphoyisa likamasipala, ugwazwe washona efulethini lakhe enkabeni yedolobha ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe kuyacaca ukuthi lezi zithandani beziphuzile ngaleso sikhathi.

Uthe baphenya nezinsolo zokuthi iphoyisa okukhulunywa ngalo lathatha ama-video nezithombe zomufi, ngemuva kokuhlasela.

“Amaphoyisa aseDurban Central abophe umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala ngemuva kwezinsolo zokugwaza intombi yakhe efulethini elikuJoseph Nduli Street ngezikhathi zasekuseni ngeSonto, 31 March 2024.

“Kubikwa ukuthi lezi zithandani beziphuza utshwala ngesikhathi owesilisa emgwaza washona, kubikwa nokuthi lomlisa uthathe ama-video nezithombe zowesifazane ephefumula okokugcina wathumela lezi zinto kubantu abaningi okuhlanganisa nokuzifaka ezinkundleni zokuxhumana.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE