Error

I-SANTACO nohlelo olusha lwabagibeli lokubhuka izihlalo online uma benohambo olude

I-SANTACO izokwethula uhlelo olusha lokuthi abagibeli babhukhe izihlalo ku-inthanethi (online) uma benohambo olude

Inhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Association (SANTACO) ithi ihlela ukwethula uhlelo olusha oluzovumela abagibeli ukuthi babhukhe izihlalo uma behamba amabanga amade nge-internet.

Alinganiselwa ku-30 ​​000 kuya ku-50 000 amatekisi alindeleke emigwaqeni ephithizelayo emazweni kule mpelasonto ende yePhasika. Okhulumela iSANTACO kuzwelonke uRebecca Phala uthi banethemba lokuthi bazokwethula lolu hlelo ekupheleni konyaka.

“Sivivinya lolu hlelo ezingxenyeni ezithile zeGauteng kanye nasezingxenyeni zaKwaZulu-Natal lapho sinamakhadi abantu abawathengayo,sibheke ukwethula uhlelo olusezingeni eliphezulu kakhulu oluzovumela abagibeli ukuthi babhukhe izihlalo zabo besemakhaya. Ngokufanayo nalokho ongaba nakho ebhizinisini lamabhasi nezindiza. Yinto esithemba ukuthi kuyofika amaholidi kaKhisimusi izobe isifezekile”, SANTACO.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE