USotshwebhu we-ANC ugxeke ukungaziphathi kahle kwabalandeli be-IFP eBaqulusini

USotswebhu we-ANC KwaZulu-Natal, uCde James Nxumalo, usigxeke kakhulu isenzo sabalandeli be-IFP abavale umnyango ongena endaweni lapho bekubanjelwe khona iKhokhasi ye-ANC izolo (23 January 2024) kuWadi 8, eSasko, eVryheid, ngaphansi kwabaQulisi.

“Izenzo ze-IFP ziyaphazamisa futhi zephula imithetho ye-IEC yokhetho lokuchibiyela. Sithe sifika bekuvaliwe wonke amasango okungenela le nkundla, amalungu e-IFP evimba abantu ukuthi bangene enkundleni. Ngokushesha sacela usizo emaphoyiseni, kodwa nawo ahluleka ukudambisa isimo,” usho kanje.
UCde James ugcizelele: “Ukuziphatha kwe-IFP akuhambisani nomoya wokubekezelelana kwezombusazwe odingekayo ukuze kube nokhetho olukhululekileyo nolunobulungiswa. Siyazigxeka kakhulu izenzo zala malungu.”

Ngaphandle kokungalawuleki kwamalungu e-IFP, uCde James wagqamisa, “Siyabonga ukuthi, phezu kokuphazamiseka, iKhokhasi ye-ANC iqhube ngempumelelo nohlelo lwayo olubeka phambili izidingo zabantu abadala.”

UCde James unxuse ubuholi be-IFP ukuthi bukhulume namalungu abo futhi bugweme izinxushunxushu ezifuze lezi esikhathini esizayo ukuze kuqinisekiswe ukhetho olukhululekile nolunobulungiswa.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE