Intombazane yaseNorth West ebifunda eVaal Technical High School izibulele ngemuva kokufeyila ibanga leshumi nambili.

Abazali bale ntombazane baphatheke kabi njengoba indodakazi yabo ibijabule uma iya esikoleni iyolanda imiphumela ka-matric. Uthe imiphumela uzoyivula nabazali bakhe uma esebuyile. Kuthiwa abazali baphume indodakazi yabo isayolanda imiphumela yayo. Bathi abamtholanga ekhaya .

Ngemva kwesikhashana abazali baqala ukumbheka njengoba babekhathazekile. Baze bafonele umngani wakhe bembheka ukuthi ukhona yini naye . Kusobala uMngani ushiye u-Onthatile edolobheni wathi akalungile njengoba ekhuluma ngokuzibulala.

Ubaba uthe indodakazi yabo yazilengisa esihlahleni base beyifica ebusuku. Uthe lokhu kuyamhlukumeza njengoba esondelene nendodakazi yakhe. Uqhube wathi bebekhuluma ngayo yonke into futhi umangele ngemiphumela yendodakazi yabo njengoba ibihlakaniphile esikoleni.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE