UMbalula uzovula icala lokumataniswa necala lokugwazelwa kuka-R500m

Unobhala-jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula uzovulela uMthunzi Mdwaba icala lokumatanisa nezinsolo zokugwazelwa kuka-R500m.

NgoLwesine ekuseni ngo-7 uFikile Mbalula uzovulela usomabhizinisi uMthunzi Mdwaba icala lokulimaza isithunzi sakhe esiteshini samaphoyisa eSandton, ngokumatanisa nehlazo lokugwazelwa kuka-R500m.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMdwaba enezinsolo zokuthi uMbalula ubengomunye wabaholi be-ANC abathumele abaxhumanisi kuyena ukuthi bayocela ukugwazelwa ukuze kuqhubeke isivumelwano sakhe se-UIF sika-R5 billion,bese kuhlukaniselwa uR500m umuntu ngamunye.

Iphephandaba iSunday World likhiphe udaba lukaMdwaba ngezinsolo zokuthi ongqongqoshe abathathu bathumele abantu kuye befuna ukunqanyulelwa ngo-R500 million esivumelwaneni sokudala amathuba emisebenzi ne-UIF.

UMdwaba wabe esedlulela eNewzroom Afrika engeza igama likaMbalula nelongqongqoshe.

UMbalula ucasuke kabi wamemezela ngoLwesithathu ukuthi uzomthathela izinyathelo zomthetho lo somabhizinisi.

Ezokuxhumana kwi-ANC zimemezele ukuthi uMbalula uzobe esesiteshini samaphoyisa eSandton ngo-7 ekuseni ngoLwesine.

“UNobhala-Jikelele uFikile Mbalula uzovulela uMthunzi Mdwaba icala lokulimaza isithunzi sakhe esiteshini samaphoyisa eSandton,” kumemezela isitatimende.

UNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ongomunye wongqongqoshe abathintekayo ngezinsolo zokuqola imali, usenikeze uMdwaba izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ahoxise futhi axolise emphakathini.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuQashwa kwaBasebenzi, uThulas Nxesi, ukuchithile okushiwo uMdwaba ngokuthi “ngamanga” kanye neqhinga lokuphambukisa umphakathi wathi ucabanga ukuthatha izinyathelo zomthetho.

UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande usamile njengoba ebhekene nezinsolo ezifanayo zokugebenga i-NSFAS.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE