Kudutshulwe kwabulawa umfundi ka-matric esekhaya efunda izincwadi zakhe zesikole

Amaphoyisa aphenya ngokubulawa komfundi ka-matric eMpumalanga

Umfundi kaGrade 12 udutshulwe wabulawa esekhaya ngenkathi efunda izincwadi zakhe zesikole elungiselela izivivinyo zika-matric zika-2023.

I-SABC News ibike ukuthi uThabang Chiloane, obefunda eHazyview Comprehensive School, wadutshulwa wabulawa ngomhlaka-6 Novemba.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uDonald Mdluli uthe umufi udutshulwe emzimbeni ongenhla.

UMdluli uthe: “Uphenyo lusaqhubeka, imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa futhi akekho osaboshiwe kuze kube manje.

Kodwa-ke amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekuboshweni kwabenzi bokubi kanye nezigilamkhuba ukuthi ashayele inombolo yokunqanda ubugebengu ku-08600 10111 noma athumele imininingwane nge-app ye-My SAPS.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE