UZuma uzohola umkhankaso wokhetho lwe-ANC KwaZulu-Natal

I-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ithi lowo owayenguMengameli Jacob Zuma uzohola umkhankaso wawo ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo.

Ethula inkulumo yakhe embuthanweni omncane obuseMandeni, enyakatho yeTheku, uZuma ugcizelele kubalandeli beqembu ukuthi bayaqhubeka nokweseka i-ANC phezu kwezingqinamba inhlangano ebhekene nazo.

Yize eminye imibiko yabezindaba iveza ukuthi ubuholi be-ANC eKZN bahlela ukukhuluma nowayengumengameli wezwe ukuze basize iqembu lithole ukwesekwa okhethweni, akukacaci noma uZuma usivumile yini isicelo sabo.

Selokhu agqunywa ejele ngo-2021, lowo owayenguMengameli wezwe akakaze akhulume. Ubonakala kakhulu uma evela enkantolo.

Umhlangano wangoMgqibelo eMandeni ubungeminye yezingxoxo zokuqala ze-ANC uZuma asanda kuzihambela.

Abaholi bezifundazwe sebekuqinisekisile ukuthi bafuna uZuma ahole umkhankaso wabo wokhetho.

Iqembu belilokhu lihlulwa ngisho nasezindaweni eziqinile. Imiphumela yokhetho lokuchibiyela lwakamuva kwamanye amawadi ikhombise ukwehla kancane ukwesekwa kwe-ANC.

UZuma uthi luyanda uqhekeko eqenjini kanti nokwethenjwa kwe-ANC sekuphelile. Nokho unxusa labo abangeneme ngesimo esikhona kule nhlangano nezwe ukuthi bangayifulathele i-ANC.

Uthi amalungu anomsebenzi wokuphonsela inselelo abaholi abadukisa iqembu.

Okhethweni lukazwelonke lwango-2019, i-ANC KwaZulu-Natal yathola amavoti angu-54.22%.

Yize kunezinselelo iqembu elibhekene nazo, abaholi balo basanethemba lokuthi bazowina.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE