Kugqekezwe i-studio sika DJ Tira sase-Afrotainment kwebiwa imishini yokuqopha umculo

U-DJ Tira usebeke u-R25 000 etafuleni kunoma ngubani ongaba nolwazi lokuthi obani abagqekeze e-Afrotainment, bashaqa imishini yokuqopha umculo ebiza imali eshisiwe.

Abaculi abaningi abasebenza noDj Tira okubalwa kubo uXowla, Duncan nabanye abaningi babhale ezinkundleni zokuxhumana bezwelana noDj Tira ngalesi sigameko.

Ngokwemibiko, izolo ebusuku kugasele amadoda angaziwa e-Afrotainment afica kungekho muntu, maqede agqekeza athatha konke okusestudiyo okubalwa amakhompyutha, ama-mixer namanye amathuluzi okwenza umculo.

Yize imininingwane yokuthi ibiza malini impahla eyebiwe, kodwa uTira wake wadalula ukuthi indawo aqopha ngayo ibiza izigidi zamarandi.

Kuthiwa onolwazi angathinta yena uTira noma athinte noma yimuphi umculi osebenzisana ne-Afrotainmnent.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE