Ugwetshwe udilikajele owesilisa owadlwengula ingane kwamakhelwane

INkantolo yesiFunda yaseMnambithi igwebe udilikajele owesilisa, 41, owadlwengula intombazane eneminyaka emihlanu ngoNovemba 2018 endaweni yaseMnambiti.

Lo mlisa kuthiwa ungumakhelwane nomalume womunye wabangani besisulu. Ngelanga lesigameko kuthiwa umsolwa wacela ingane ukuthi imlandele ngesikhathi idlala ngaphandle komuzi. Wabe esemyisa endlini engasahlali muntu lapho afike amnukubeza khona ngokocansi. Ngemuva kwesigameko wamnika u-R1 wamyalela ukuthi angatsheli muntu ngalesi sigameko. Nokho ingane yabikela unina ngesikhathi isibuyela ekhaya okuholele ekutheni kuboshwe umsolwa.

ISIKHANGISO

Ngesikhathi kuqhubeka leli cala umshushisi weNkantolo yesiFunda, uMnuz Sandisiwe Ntuli, ukugcizelele ukuthi umsolwa njengoba engumuntu omdala owaziwa yingane, wephula ukumethemba. UNtuli uphinde waveza ukuthi kunobufakazi bolibofuzo obumatanisa umsolwa naleli cala.

Inkantolo igwebe ummangalelwa udilikajele yathi akakufanele ukuxhumana nezingane. Ukwengeza, uthathwe njengongafaneleki ukuba nesibhamu, futhi igama lakhe layalelwa ukuba lifakwe ku-National Sex Offender Registry.

UNatasha Ramkisson-Kara, okhulumela i-NPA esifundeni sase-KZN, uzwakalise ukugculiseka ngesinqumo futhi wancoma imizamo yabashushisi namaphoyisa, egcizelela ithemba lokuthi lesi sigwebo sizoba umlayezo onamandla ovimbayo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE