Owesilisa waseSwazini utholwe emakhazeni akwaNongoma

Namanje akwaziwa ukuthi kwenzekeni kuXolani Dlamini waseSwatini ngemuva kokutholakala eshonile eMoshali KwaNongoma.

Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosikhona Dlamini, ekhuluma nabezindaba zeMaputaland Community Radio ngeledlule, udalule ukuthi umfowabo ubephuma endaweni yaseStanger KwaDukuza ngomhlaka-09 February 2024 elibangise ekhaya eSwatini, kodwa wabatshela ukuthi uthole imoto ezomhambisa,imehlise eHluhluwe, azame ukuthola imoto ezomehlisa oPhongolo kwaMshololo abuyele ekhaya eSwatini.

ISIKHANGISO

UMnu Dlamini uthi bebegcina ukukhuluma nomfowabo ngaleso sikhathi, abaphindanga bamthola ngoba ucingo lwakhe belungasangeni.

UDlamini uthi ngesikhathi bezwa ukuthi kukhona otholakale eshonile eCrossini eMagudu, baye emaphoyiseni nomndeni wakhe bathola ukuthi useMakhazeni akwKwaNongoma.

Uthi amaphoyisa abatshele ukuthi basola ukuthi uqale washaywa wabe esephonswa emgwaqweni.

UDlamini uthi basafuna ukwazi ukuthi kwenzekeni ngomfowabo njengoba basenemibuzo, abazi noma ungene emotweni enabantu abangalungile base bezama ukumbamba inkunzi.

Umthombo: Maputaland Community Radio

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE