Owesilisa uzidubule washona endaweni yokucima ukoma eNewcastle

Usashaqekile umphakathi waseMadadeni esigcemeni sesikhombisa (7) Kwa-R ngemuva kokuzibulala kowesilisa.

Kuthiwa ubesebenza ngaphakathi endaweni yokucima ukoma futhi ubedumile endaweni

Ikhasimende elizibonele lithe bekuyihora lesine ntambama ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Uthe sebengaphakathi, bezwa kuqhuma isibhamu. Kuthiwa lo mlisa uzidubule ngokwakhe. Ozibonele uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi bekunezingane endlini ngesikhathi kwenzeka lesigameko.

Isizathu sokuzibulala kowesilisa obedume ngelikaThube asaziwa kodwa sekuqinisekisiwe ukuthi uzofihlwa ngoMgqibelo.

Umthombo: Izindaba zaseNewcastle fm

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE