Isitholakele ingane obekubikwe ukuthi ilahlekile

UNoxolo Ntuli waseShowe obegcwele izinkundla zokuxhumana kuleli, kubikwe ukuthi uduke ngomhlaka-2 kuNhlolanja 2024 ngemuva kokuphuma esikoleni, usetholakele.

Kunenkulumo eqoshiwe evele ekuseni lapho owesifazane ozibize ngoMbongi ongumama wengane echaza ukuthi ayikaze ilahleke futhi isesimweni esihle.

ISIKHANGISO

Ngokusho kwabantu abebesezithangamini bebethi unina wamyisa esikoleni ngoba ehlukunyezwa. Uyise wengane ekhuluma emsakazweni ohlelweni olushayelwa nguJacinta Ngobese kuVumafm uziphikile izinsolo zokuhlukumeza. Odabeni lukanina wengane uthe akazi ukuthi ukuphi njengoba behlala ndawonye kodwa wagcina ngokuthatha imithwalo yakhe wahamba.

Ingane ithathwe esikoleni ngaphandle kwemvume yakhe kumele kube nencazelo ngokuyithatha, yingakho eseqashe umphenyi ozimele ukuthi enze uphenyo, selivuliwe icala nokuyilapho okuzovela khona iqiniso ngalolu daba.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE