Error

Ushone ngemuva kokuba etshele umndeni wakhe ukuthi uya endlini yangasese

Umndeni wakwaBopape ukuqinisekise kwabezindaba namhlanje ekuseni,ukuthi uKhutso Mmanoko Bopape waseTurfloop (Ga-Thoka), oneminyaka engu-20 ubudala owagcina ukubonakala zingu-8 kuMasingana 2024 utholakale eshonile.

UKhutso Mmanoko Bopape ubengumfundi waseNyuvesi yaseLimpopo kanti ngosuku anyamalala ngalo, watshela umndeni wakhe ukuthi uya endlini yangasese.

Umndeni wakhe uthe uKhutso Mmanoko washiya ucingo lwakhe ngobusuku ethi uya endlini yangasese.

Lokhu kufanele kube yinto esabisa kakhulu umuntu angadlula kuyo, kusukela ekuyeni endlini yangasese bese etholakala eshonile emakhazeni.

Lokhu kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana abanye bebuza ukuthi likude kangakanani ithoyilethi lakhe ukuze athunjwe kanje kanti abanye bebehluleka wukuzibamba bebona ukuthi le ntokazi okukhulunywa ngayo ibukeka njengowrsilisa ku nowesifazane, kusho abantu ezinkundleni zokuxhumana.

Umthombo: https://www.facebook.com/100063962414127/posts/pfbid0F3a2KYoN2qVABBE3ebVYLPYkNojqYJVSU61hXEx4Gc17UbJcVWGCifrmUZVmDhWhl/?app=f

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE