Owesifazane wabulawa yisoka lakhe ngoba enqabe ukuhushula isisu

Owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala wabulawa yisoka lakhe ngenxa yokwenqaba ukuhushula isisu.

UNtombi Thwala oneminyaka engu-18 ubudala,kuthiwa wahlaselwa yisoka lakhe ngommese washona e-Orange Farm, eGoli.
Isoka likaNtombi kuthiwa lamhlasela ngoba enqaba ukuhushula isisu. Lesi sigameko senzeka ngomhlaka-2 Okthoba 2023.

Kuthiwa washaya ngetshe ekhanda wamgwaza ngommese amanxeba ayisithupha. Ngokudabukisayo,uNtombi washona ekuqaleni kukaZibandlela ngemva kokuhlala amasonto egunjini labagula kakhulu. Ngesikhathi eqeda izifundo zakhe zeBanga leshumi. Isoka laboshwa kodwa labuye lakhululwa.

 

Lena indaba edabukisa kakhulu, ukuhlaselwa ubulawe umfana othi uyakuthanda.

Lokhu kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana abanye bethi umthetho uthambile kulaba abaphula umthetho ngokubakhulula.

Siyethemba ukuthi ubulungiswa buzokwenziwa futhi sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe nakubangani ngokudlula emhlabeni komuntu osemncane kanje.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE