Kuboshwe ikhansela le-DA KwaZulu-Natal ngokufa komndeni walo

Kuboshwe ikhansela le-DA KwaZulu-Natal kulandela ukushona kwamalungu omndeni walo ngesikhathi kusha umuzi ngo-Okthoba eBergville. Unkosikazi kaMichael Buthelezi nezingane ezintathu bashone ngemuva kokusha komuzi wabo.

Esitatimendeni, i-DA ithi umholi wayo esifundazweni uFrancois Rodgers usezisiwe nguKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngokuboshwa kukaButhelezi njengomsolwa oqavile.

URodgers uthi, “Kumanje uMichael ubhekene necala lokubulala umkakhe nezingane ezintathu.

I-DA iyiqembu elihlale likholelwa emthethweni nokuhleleka nobulungiswa futhi uma ngabe ezobulungiswa zifakazela ukuthi unecala, kumele abhekane nengalo yomthetho.”

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE