Isidumbu sowesilisa ebesonakele sitholakale emotweni ePinetown

Isidumbu sowesilisa ebesesonakele kukholakala ukuthi besihlale izinsuku ezinhlanu kuya kweziyishumi ngaphambi kokuba sitholakale.

Kutholakale isidumbu sowesilisa esesonakele emotweni emzini oseNigella Place,ePinetown.

U-Andreas Mathis weMarshall Security
,ubephakathi kwabantu bokuqala abafike endaweni yesigameko, uthe bathole umyalezo ezinkundleni zokuxhumana ubika ngephunga elibi eliphuma endlini.

“Kubizwe usizo, umuntu wokuqala owaphendula kwaba ngumakhelwane owakhipha isidumbu emotweni.”

UMathios uthe isidumbu sesonakele kakhulu futhi kukholakala ukuthi sesihlale izinsuku ezinhlanu kuya kweziyishumi.

Okwamanje, imbangela yokufa ayikacaci.

“Silinde iziphathimandla ukuthi ziphenye,” kusho uMathios.

Bekukhona nenja kule ndawo esisuswe ngabahloli bakwa-SPCA baseKloof noHighway.

Umthombo: The Citizen

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE