Onogada abangu-7 bagwetshwe udilikajele ngokubulala owesilisa owayehleli etekisini

Onogada abayisikhombisa balahlwe yicala base begwetshwa odilikajele kanye neminye iminyaka engu-35 ngoLwesibili.

Onogada batholwe benecala lokubulala, ukuzama ukubulala, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukucekela phansi impahla kanye nokwehlula ukusebenza kwengalo yomthetho.

Amacala enziwe ngo-April 2018.

Ngokusho kukaConstable Thenjiswa Ngcobo we-SAPS, lesi sigwebo siphume ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseThekwini ilalele ukuthi abasolwa babulala kanjani uMnuz Christopher Mkhali Madondo (56) base beshaya amadodana akhe amabili.

“Ngomhla zingu-27 kuMbasa (April) 2018, uMadondo wayehleli nowesilisa abehamba naye etekisini ekuBrook Street eGreyville ngesikhathi bedutshulwa abasolwa abangaziwa ababaleka endaweni yesigameko besebenzisa itekisi,” kusho uNgcobo.

Uqhube wathi ngesikhathi kuqhubeka uphenyo phakathi kuka-Ephreli 26 no-27 Ephreli 2018,kwatholakala ukuthi abasolwa abafanayo bashaye amadodana kamufi.

“Abasolwa bavele kaningi enkantolo baze batholakala benecala bagwetshwa ngomhlaka 12 Disemba 2023, ngamacala okubulala, amane okuzama ukubulala, amabili okushaya ngenhloso yokulimaza, kanye nokwehlula ukusebenza kwengalo yomthetho,” kusho. Ngcobo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE