U-Itumeleng Khune umisiwe kuKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukumiswa kuka-Itumeleng Khune yathi isimphucile njengokaputeni weqembu njengoba kusalindwe uphenyo lwangaphakathi mayelana nokuqondiswa kwezigwegwe kukanozinti osemnkantshubomvu.

Lokhu kungemuva kokuthi kuvele imibiko yabezindaba yokuthi uKhune uke waziqeqesha neqembu ephuze utshwala.

“Ekuphothulweni kwezinhlelo zokuqondisa izigwegwe ezinzima zeqembu ngesonto eledlule, ikomidi lithathe izinyathelo ezinqala lanquma ukuthi u-Itumeleng Khune ahlukaniswe isikhashana neqembu kuze kube kufezwa imibandela ethile,” kusho isitatimende seChiefs ngoLwesine.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE