Error

Kugqame ubumbano kwethulwa imidlalo yabalandeli eThekwini

Kubonakale bejabulelana abalandeli bebhola kuleli osukwini lwayizolo eRoyal Hotel eThekwini nalapho bekuthulwa ngokusemthwethweni imidlalo yabalandeli ezokuba kulonyaka ehlelwe inkampani 12th Man Group eholwa uMnu Jason Zikalala.

Lemidlalo kuhloswe ngayo ukubumbana kwabalandeli nangendlela yokuziphatha uma besenkundleni, ngokusno kuka Zikalala uthi lemidlalo izolekelela kakhulu ukuthula ebholeni lakuleli futhi ibuyise ubumnandi bebhola “Namhlanje sizothula ngokusemthethweni lemidlalo yabalandeli ngenhloso yokubahlanganisa bebe munye futhi bekuqonde ukuthi ukuba umlandeli kusho ukuthini, lapha sihlanganise abalandeli be Kaizer Chiefs, Orlando pirates, Amazulu, Maritzburg united Kanye ne Royal Am ne Milford, lemidlalo izokuba ngo September “kusho uZikalala.

Lomcimbi ubuhanjelwe uMengameli we Safa esifundazweni sakwa Zulu-Natal uKwenzakwakhe Ngwenya,inkakha yomsakazi kuKhozi fm uJoe Hudla nabanye abaningi.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE