Ugwetshwe iminyaka engu-15 owesilisa owaklinya intombi yashona,walahla isidumbu ehlathini

Owesilisa ogama lakhe nguMojalefa Stoffel Sebashe, oneminyaka engu-26 ubudala waseLimpopo, ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokubulala intombi yakhe. Wamklinya washona emzini wabazali bakhe eSenwamokgope, eVaalwater,ngoDisemba 2019 wase elahla isidumbu sakhe ehlathini.

Ngemva kokubulala,isidumbu wasilahla esikhotheni esiseduze.Ngakusasa,omunye womphakathi wathola isidumbu sikamufi wabikela amaphoyisa.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko aqala uphenyo lokubulala avulela uSebashe icala. Waboshwa ngemuva kwesigameko, kodwa icala lahoxiswa okwesikhashana ngesikhathi amaphoyisa enza olunye uphenyo.

Ngokuhamba kwesikhathi umphenyi waphothula uphenyo wabe esebuyisela icala elibekwe uSebashe.

Ngemuva kokuvela kaningi enkantolo, uSebashe wagcina elahlwe yicala lokubulala wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele. Isigwebo sikhishwe yiNkantolo yesiFunda yaseSekgosese.

UKhomishana wamaphoyisa eLimpopo, uLt General Thembi Hadebe, uzwakalise ukugculiseka ngesigwebo waphinde wagcizelela ukuthi udlame nokubulawa kwabantu besifazane akufanele kubekezelelwe emphakathini.

Kubalulekile ukubhekana nokuvimbela izenzo zodlame ezinjalo ukuze kwakheke indawo ephephile yawo wonke umuntu.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE