Kubulawe abasolwa abahlanu abagebenga amabhange ngesikhathi bedubulana namaphoyisa

Kubulawe abasolwa abahlanu okusolwa ukuthi bagebenga amabhange ngesikhathi bedubulana namaphoyisa emgwaqeni onguthelawayeka u-N14 eVentersdorp ngoMsombuluko ntambama.

Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe kuboshwe owesifazane endaweni yesigameko.

Uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngabasolwa abahamba ngezimoto ezimbili abebehlela ukugebenga eCarletonville noma eduze kwayo.

UMathe uthe ithimba elididiyelwe eliholwa ngamaphoyisa lizibonele lezi zimoto iToyota neVW Polo zizungeza amabhange ahlukene.

Uthe ngesikhathi bephuma endaweni yaseCarletonville, ithimba labe selizama ukuvimba abasolwa.

Kuthe uma bebona okwenzekayo bavulela ngenhlamvu ethimbeni lezomthetho elihlanganisa nezokuphepha ezizimele kanye neziphathimandla zomgwaqo eGauteng.

“Ezigamekweni zokudubulana, abasolwa abahlanu (abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-35) balimele kabi kwaboshwa umsolwa wesifazane,” kusho uMathe.

Uthe izimoto abazisebenzisayo “zixhumene kahle” namacala amathathu aseGroblersdal, eSecunda naseHercules.

 

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE