UMnyango Wezempilo eNingizimu Afrika uqinisekise lezizindaba esitatimendeni ngoLwesibili.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uFoster Mohale, uthe ungqongqoshe uhlolwelwe i-Covid-19 ngemuva kokuba nezimpawu ezincane.

“Ungqongqoshe uPhaahla wenze izivivinyo namhlanje ekuseni imiphumela yabuya yathi unalo, wabe esezihlukanisa yedwa.

“Uzokwenza imisebenzi yakhe esemthethweni esekhaya isikhathi esiyizinsuku eziyisikhombisa, futhi yonke imihlangano yakhe yokuxhumana izohlelwa kabusha.

“Lesi yisikhumbuzo sokuthi ubhubhane lusephakathi kwethu futhi luyathathelana, yingakho uMnyango usaqhubeka nokubika nsuku zonke izigameko kanye nokufa kwabantu abahaqwe yi-Covid-19,” kusho uMohale.

UMohale uphinde waqinisekisa ukuthi uPhaahla uthole imithamo emibili yomgomo we-J&J.

“Umnyango uthanda ukukhumbuza umphakathi ukuthi ukususa imikhawulo ye-Covid-19 akusho ukuthi ubhubhane seluphelile, yingakho ukugoma kutholakala ngaso sonke isikhathi ezindaweni ezikhethiwe.”

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE