Owase Switzerland ovakashe eLimpopo utholakale nesifo se-Monkey Pox

Isivakashi esivela eSwitzerland esiseholidini eLimpopo njengamanje kutholakale ukuthi sinesifo seMonkeypox

NgokoMnyango Wezempilo eLimpopo, isivakashi esineminyaka engu-42 ubudala saseSwitzerland esiseholidini kumanje sitholakale sinalesi sifo.

Umnyango uthi isiguli siveze izimpawu ezifana nokuqubuka, ubuhlungu bemisipha nokukhathala.

UNgqongqoshe Wezempilo eLimpopo
uDkt Phophi Ramathuba ucela amalungu omphakathi ukuthi angatatazeli kodwa kwehle umoya.

UNgqongqoshe uthi uMnyango usuthumele izikhulu ukuthi zilandele lolu daba. “Bathathu abathintwayo asebahlonziwe futhi akekho noyedwa kubo oseveze izimpawu kuze kube manje,” kusho uNgqongqoshe.

Umnyango ufisa ukukhuthaza bonke abantu abaxhumana nabantu abaningi emsebenzini wabo ukuthi baqhubeke nokugqoka imaski nakuba izimiso ze-COVID-19 sezixegisiwe.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE