OwayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede ubuyele enkantolo
OwayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede naboshwe nabo babuyele eNkantolo eNkulu yaseThekwini. Babhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo, athinta ithenda ye-Durban Solid Waste ebiza ngaphezu kuka-R300-million.
OwayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede naboshwe nabo babuyele eNkantolo eNkulu eThekwini.
Babhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo ethinta ithenda ye-Durban Solid Waste ebiza ngaphezu kuka-R300-million.
UGumede ungaphandle ngebheyili ka-R50 000.
Wasuswa esikhundleni sakhe sobumeya ngo-2019.