UZikalala wethule uhlelo luka-R500m lokwakha kabusha imigwaqo ngemuva kwezikhukhula ezihlasele kulesi sifundazwe

UNdunankulu waKwaZulu-Natal,uMnuz Sihle Zikalala, wethule uhlelo luka-R500m lokwakha kabusha imigwaqo ngemuva kwezikhukhula ezihlasele kulesi sifundazwe.

Ihhovisi likaNdunankulu lithe lolu hlelo olunezinxenye ezimbili olwethulwe ngoMsombuluko luzogxila ekuthuthukiseni ingxenye yomgwaqo uP725, ngemali engaphezu kuka-R409m yabelwe lo msebenzi.

Kuphinde kwabelwe u-R86.5m ukulungisa umgwaqo osuka eNgonyameni naseMlazi oxhumanisa uMbumbulu, Folweni, eNgonyameni kanye noMlazi.

Iphinde ixhume ku-R603 oxhumene nezinye izindawo zomnotho.

“Ukwakhiwa nokulungiswa kwengxenye yalo mgwaqo kuwubufakazi obuphilayo bokuthi siwuhulumeni wesifundazwe sizimisele ngokufeza isibopho sokuvuselela nokwakha kabusha.

“Lokhu kutshalwa kwezimali kuzoqinisekisa ukuthi abantu baseThekwini bayakwazi ukuxhuma futhi baxhumane nezinsiza ezibalulekile. Lokhu kuzophinde kudaleke amathuba emisebenzi kanye nokukhula komnotho okudingeka kakhulu kule ndawo.

“Okubalulekile ukuthi izovula imisebenzi yezomnotho ezohlomulisa osomabhizinisi abancane abakhahlanyezwe yizikhukhula zakamuva,” kusho uZikalala.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE