Ingcwatshwe namuhla intombazane eneminyaka engu-7 eyadlwengulwa yabulawa owesilisa eneminyaka engu-28

 

Bekuwusizi lodwa emndenini wakwaNdlovu ngesikhathi uphelezela endlini yokugcina intombazanyana yawo eyadlwengulwa yabulawa owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala esigodini sasePenengenga eLimpopo.

U-Xivono Ndlovu ungcwatshwe namuhla zingu-26 kuNhlolanja 2022, uXivono ubeneminyaka engu-7 ubudala okusolwa ukuthi wabulawa wadlwengulwa ngumuntu oneminyaka engu-28 ngesonto eledlule ngoMgqibelo.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eLimpopo uNkakareng Rakgaoale uthumele umyalezo wenduduzo emndenini.

Umsolwa uboshiwe kanti uzovela enkantolo ngesonto elizayo ngoMsombuluko, umndeni usezinhlungwini abukho ubulungiswa obuzokwenza umndeni wakwaXivono uzizwe ungcono. Okwakufike endodakazini yabo eseyingane nje.

Amalungu omndeni wakwaNdlovu akhuluma ngoXivono athe, kwakuyintombazane ehlakaniphe kakhulu futhi ephile saka. Uma nje ngingabuyisela isikhathi emuva ngimbone futhi ngidlale naye. Kubuhlungu kakhulu kimina nasemndenini ukubona ukuthi indoda ekhule ngokugcwele ingenza noma ikwazi ukwenzani enganeni eneminyaka engu-7.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE