Ugogo oneminyaka engu-85 ubudala udlwengulwe wabulawa ngowesilisa oneminyaka engu-48 ubudala
Ukushona kwesalukazi esineminyaka engu-85 ubudala saseKapa kushiye abaningi bebambe ongezansi.
UGogo Charlotte Madolo, isakhamuzi saseGugulethu, utholakale egwazwe eshonile ekamelweni lakhe. Abazukulu bakhe ababili yibo abathole isidumbu sakhe.
Ugogo uke wadlwengulwa ngaphambi kokuthi abulawe umsolwa. Bathola amanxeba okugwazwa nemihuzuko. Emuva kwalokho umsolwa wambulala wabe eselenga isidumbu sakhe esihlahleni esebenzisa isikibha esicwebe amehlo.
Nakuba kubonakala sengathi uzamile ukuzivikela, imizamo yakhe ayizange iphumelele.
Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-48 ngokufa kwesalukazi.
Okhulumela amaphoyisa uFC Van Wyk uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokuba isidumbu sikaMadolo sitholwe yindodakazi yakhe eyabikela amaphoyisa ngokushesha ngezithuba zabo-3.39 ntambama e-NY 132 eGugulethu ngoMgqibelo.
UVan Wyk uthe uphenyo lwabaseshi baseGugulethu luholele ekuboshweni kowesilisa oneminyaka engu-48 ubudala mayelana necala lokubulala.