Error

Kutholwe isidumbu sowesifazane sihlutshiwe isikhumba sobuso,ekhishwe izindlebe namehlo

Kutholwe isidumbu sowesifazane sihlutshiwe isikhumba sobuso,ekhishwe izindlebe namehlo

Amaphoyisa aseMgungundlovu aphenya icala lokubulawa ngesihluku kowesifazane osekhulile obehlutshwe isikhumba sobuso, amehlo, izindlebe nekhala zitholwe yiqulu lezingane eNorthdale, eMgungundlovu, ngoLwesine ntambama.

Izingane zithole lesi sihlava ngesikhathi zidlala emgwaqweni ukuphuma kwesikole.

Ngokusho kokhulumela iMi7 National Group, uCollin David, isakhamuzi sithinte igumbi lokulawula lenkampani yonogada mayelana nesidumbu sowesifazane esitholakale phakathi kwezihlahla ezisemaphethelweni ngaphandle kwendawo yabo.
“Kukholakala ukuthi iqulu lezingane ezincane, ezineminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili neyishumi ubudala, bezidlala emgwaqeni ngesikhathi zibona isidumbu eceleni komgwaqo zabikela izakhamuzi.”

“Iyunithi yokusabela ngokushesha ye-Mi7 National Group, kanye namaqembu okuphendula ahlomile, athunyelwa ngokushesha. Bafike endaweni ebizwa ngokuthi ‘yifilimu esabekayo’, lapho kutholwe khona owesifazane osekhulile eshonile,” kusho uDavid.

Ubuso besisulu ‘buhlutshiwe’, kwakhishwa izindlebe namehlo.
“Uma sibheka amanxeba, kukholakala ukuthi lo wesifazane ube yisisulu sobugebengu obunyantisayo. Kodwa-ke, ukuhlolwa kwesidumbu nophenyo lwamaphoyisa kuzothenjelwa kulo ukuze kuqinisekise lokhu.

“Amaqembu e-Mi7 asebenze ngokushesha ukuze avikele isigameko sobugebengu kwaze kwafika amaphoyisa, futhi anikeza ukusekelwa ngokomzwelo ezinganeni ezihlangane nomufi,” engeza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uphenyo lusaqhubeka.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE