Error

Izingane ezimbili zidutshulwe zabulawa ngowesilisa obefuna uyise wazo

Izingane ezimbili uTinyiko noMpfumo zidutshulwe zabulawa ngowesilisa obefuna uyise wazo.

NgeSonto ntambama izingane ezimbili okungoTinyiko noMpfumo zidutshulwe zabulawa ngowesilisa owayefuna uyise eSoshanguve, Extension 7. Kubikwa ukuthi omlisa odubule wabulala lezi zingane ugcwele amathafa kulandela lesi sigameko.

Umama wezingane ezimbili ezineminyaka engu-4 no-7 ubudala, u-Itumeleng Mashaba uthe ubesanda kungena ngesango elingemuva esuka kwamakhelwane ngesikhathi ezwa izwi lowesilisa ekhuluma nezingane zakhe ebuza ngabazali bazo. Emuva kokuthi izingane zithe abazali bazo baphumile, umlisa uthe bazofela imali eyathathwa nguyise kwase kulandela umsindo wezinhlamvu. Ngenxa yokwesaba uMashaba wazama ukunyonyoba ngesango elingemuva efuna usizo nokuyilapho lomlisa ephume khona waphela endaweni.

Umama wezingane uthe ukwazile ukugijima emijondolo eya endaweni ephephile. Uyise wezingane ezishonile uLouis Manganye uthi uyamazi umsolwa ongusomabhizinisi wendawo. Uthi akazi ukuthi kungani le ndoda iqale udlame olunje futhi iphinde yadubula abanye abantu abane ezinsukwini ezimbili ezedlule. UManganye uthi uyingxenye yesigungu sokulwa nobugebengu endaweni futhi baqoqa iminikelo kubahlali basemijondolo ukusiza ukugcina ukuthula emphakathini.

Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa obhekene necala lokubulala lezi zingane.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE