Owesilisa wakuleli ushaywe ngamaphoyisa ngephutha ecabanga ukuthi ungowokufika kuleli

UKurisani Mitileni oneminyaka engu-19 ubudala, ofunda umatikuletsheni wase-Alexandra ushaywe amaphoyisa ngephutha, ecabanga ukuthi ungowokufika eNingizimu Afrika.Lesi sigameko senzeke eNoord, e-eGoli ngoLwesibili ekuseni.

Lo wesilisa kuthiwa utshelwe ngamaphoyisa ukuthi ungowokufika kodwa wawatshela ukuthi ungowaseNingizimu Afrika eMalamulele,bathi akalethe umazisi kodwa wabazisa ukuthi akawuphathe. Yize ebakhombisa imininingwane yakhe yesikole, ubesalokhu eshaywa.

Ube esegijima waya eGhandi Square emahhovisi e-EFF eyofuna usizo.

Akukhona okokuqala ehlukunyezwa yilabo okumele bamvikele. Kuthiwa uhlukunyezwe ngamaphoyisa akwaMapanyaza eVasco e-Alex muva nje .

Kuthiwa bebemsola ngokuthi ungowokufika bafuna umazisi wakhe.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE