Error

Kudutshulwe kwalimala abantu abangu-8 ethaveni eFree State

Kudutshulwe kwalimala abantu abangu-8 ethaveni yaseLadybrand,eFree State

Umsolwa uqale ukudubula enganakile walimaza izisulu eziyisishiyagalombili

Amaphoyisa aseFree State abophe owesilisa odubule walimaza abantu abayisishiyagalombili endaweni yokucima ukoma eLadybrand, esifundazweni saseFree State ngoLwesihlanu kusihlwa, mhlaka 29 kuMashi 2024.

Lokhu ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole ucingo mayelana nesigameko sokudubula kwenye yezindawo zokucima ukoma eManyatseng. Ngokwemibiko yamaphoyisa, umsolwa wesilisa oneminyaka engu-36 ubudala,uxabane nomunye wabagibeli endaweni yokucima ukoma wabe eseya lapho ehlala khona eManyatseng, walanda isibhamu sakhe sohlobo lwe-9mm wabuyela endaweni yokucima ukoma.

Kuyacaca ukuthi ngesikhathi ebuyela endaweni yokucima ukoma umsolwa waqala ukudubula enganakile kwalimala abayisishiyagalombili. Okhulumela amaphoyisa aseFree State uMahlomola Kareli uthe izisulu zineminyaka ephakathi kuka-26 no-45 ubudala kanti zilimele kanzima, ababili basesimeni esibucayi. Uqhube wathi umsolwa ulandelwe umkhondo waboshwa ngesikhathi esemzini wabazali bakhe eManyatseng.

Umsolwa ubekwe amacala ayisishiyagalombili okubalwa kuwo elokuzama ukubulala. Kuthathwe nesibhamu sakhe. Umsolwa uzovela enkantolo maduze njengoba uphenyo lusaqhubeka.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE