I-ANC isolwa ngokubandakanyeka kukaZuma engozini yemoto

I-MK Party isola i-ANC ngengozi eyehlele uMnu Jacob Zuma.

UMsholozi wehlelwa yingozi ngesikhathi ephuma emzini wakhe eNkandla elibangise eShowe.

Kulolu hambo, bekumayelana nomkhankaso we-MK, kodwa akazange alimale engozini.

Ezinkundleni zokuxhumana bathi yi-ANC enesandla kulokhu.

Kuboshwe owesilisa neminyaka engu-51 ubudala okuthiwa ubephuze amanzi amponjwana okuyiyonanto edale ingozi.
Umsolwa uboshelwe ukushayela ephuzile nokushayela budedengu.

I-MK Party iphinde yagxeka uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ngokuthi kumele ngabe kudala ezishintshile izimoto ebezihamba uMnuz Jacob Zuma.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE