Unogada udubule uzakwabo maqede waphela endaweni ngemuva kwengxabano

Unogada waseBela-Bela, eLimpopo, udubule uzakwabo kulandela ingxabano eshubile esontweni eRadium lapho bebevinjwe khona ngoSuku Lwamalungelo Abantu.

Laba balisa ababili bebesemsebenzini ngesikhathi kuqubuka ingxabano eyagcina ishubile kwaholela ekutheni unogada oyedwa adubule omunye.

Isisulu esineminyaka engu-37 ubudala sidutshulwe amahlandla amaningi sase siphuthunyiswa esikhungweni sezempilo esiseduze nalapho kubikwe ukuthi sisesimweni esibucayi.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Malesela Ledwaba, uthe umsolwa ubaleke endaweni yesigameko ngokushesha ngemuva kwesigameko washiya isibhamu somsebenzi egumbini lonogada.

Amaphoyisa avule icala lokuzama ukubulala kanti asephume umkhankaso wokuthungatha umsolwa.

UKhomishana wamaphoyisa e-SAPS eLimpopo, uLieutenant-General Thembi Hadebe, usigxekile isigameko sokudubula.

“Sinesiqiniseko sokuthi ithimba labaphenyi lizolandela umkhondo libophe umenzi wobubi ukuze abhekane nengalo yomthetho,” usho kanje.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE