Amaphoyisa aseGauteng azoqinisa umthetho emathaveni ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi

Amaphoyisa akhombe isibalo esiphezulu sezindawo zokucima ukoma nezindawo ezidayisa utshwala eDiepsloot njengento enomthelela omkhulu ebugebengwini.

Ethula inkulumo phambi kweKomidi lesiShayamthetho saseGauteng elibhekele ukuPhepha koMphakathi ngoLwesibili, amaphoyisa athe kunezindawo zokucima ukoma ezingu-147 eDiepsloot kanye nezindawo eziyisishiyagalombili ezidayisa utshwala.

Amaphoyisa asenxuse ibhodi likatshwala eGauteng ukuthi liqinise imithetho kulezi zindawo.

Izibalo zamaphoyisa zikhomba ukuthi ubugebengu eDieploot buvamise ukuba phezulu ngezimpelasonto njengoba izindawo zokucima ukoma kuba yizindawo ezaziwayo zobugebengu.

UKhomishana wesiFunda saseGoli uMax Masha uthe ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa notshwala kuseyinkinga enkulu eDiepsloot.

“Izindawo ezidayisa utshwala ziphezulu kakhulu, azinawo umqhudelwano. Futhi sicabanga ukuthi lezo zindawo ezidayisa utshwala zinesandla ebugebengwini bethu obenzeke ngezimpelasonto. Uma abantu kufanele baziphumulele, yilapho belimazana khona.”

Pastor Mukhuba|Facebook

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE