Kutholakale isidumbu sowesilisa sinqunu silenga esihlahleni KwaZulu-Natal

Isidumbu sowesilisa ongaziwa esinqunu sitholwe silenga esihlahleni, esigangeni phakathi kwaseRiet River nendawo eyaziwa ngeChubbies Garage KwaZulu-Natal namhlanje ekuseni (ngoMsombuluko).

Isakhamuzi esihlangabezane nalesisigameko sithinte iReaction Unit South Africa (RUSA) ngezithuba zabo-07:57 ekuseni ngemuva kokuthola lokhu.

Ngesikhathi befika, abeReaction Unit nabezimo eziphuthumayo baholelwe endaweni yesigameko. Kutholakale isidumbu sowesilisa silenga. Ibhande elifushane laliboshwe entanyeni yakhe egatsheni lesihlahla.

Umufi ubenqunu ngokuphelele. Izingubo zakhe zokugqoka zazibekwe eduze kwesidumbu sakhe,enamanxeba ezihlakaleni zombili.

Uphenyo luzocacisa ukuthi wabulawa noma wazibulala yini.

ku

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE