Error

UMalema uthi i-ANC ngeke isinqobe isifundazwe saKwaZulu-Natal okhethweni oluzayo

UMengameli we-EFF uJulius Malema uthi ucwaningo luveza ukuthi i-ANC ngeke iwine isifundazwe saKwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka ozayo.

UMalema ukhulume kanje ngesikhathi ehlangene namalungu e-EFF eMgungundlovu, KwaZulu-Natal namuhla.


UMalema uthi i-EFF iqhudelana namaqembu amabili kuphela esifundazweni saKwaZulu-Natal okuyi-ANC ne-IFP, amanye awekho KwaZulu-Natal.

UMalema ube esegxeka ukuqashwa konogada abaningi abaqapha ubuholi. Uthi iqembu le-IFP linonogada abaningi abaqapha abaholi esikhundleni sokusebenzisa leyo mali ukuthuthukisa umphakathi.

UMalema uthe ngonyaka ozayo zingu-10 kuFebhuwari, i-EFF izokwethula iManifesto yayo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ube esekhuthaza abantu ukuthi babhalisele ukuvotela i-EFF nge-inthanethi namuhla ngokusebenzisa isixhumanisi esilandelayo: registertovote.elections.org.za

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE