Kubanjwe inkunzi ezitolo ezimbili zobucwebe enxanxatheleni yezitolo iPavallion

Izitolo ezimbili zobucwebe zibanjwe inkunzi enxanxatheleni yezitolo iPavilion

Oshayasibhamu abebehlomile bagebenge izitolo ezimbili zobucwebe,i-American Swiss kanye nePremjis enxanxatheleni yezitolo eThekwini iPavilion ngeSonto.

ISIKHANGISO

Oshayasibhamu bagasele ezitolo ezimbili zobucwebe enxanxatheleni yezitolo iPavilion ngeSonto, kwashona iphoyisa elilodwa.

UGarrith Jamieson we-ALS Paramedics uthe bafike endaweni yesigameko enxanxatheleni yezitolo ngaphambi kwehora lesithupha ntambama ngeSonto.

Abasebenzi namakhasimende e-American Swiss and Premjis Jewelers bebesezitolo ngesikhathi oshayasibhamu beza.

“Iphoyisa elilodwa ebelithintekile lelashwe endaweni yesigameko labe seliphuthunyiswa esibhedlela esiseduze ngabakwa-ER24,” usho kanje.

Nokho uJamieson uthe iphoyisa lishonele esibhedlela.

Uthe abezimo eziphuthumayo bebehlola futhi belapha abathintekile ngaphakathi ezitolo ngesikhathi amaphoyisa egasela endaweni yesigameko. Uthe amaphoyisa azingele oshayasibhamu ababaleke ngemoto.

NgoMeyi kuke kwaba nesigameko esifanayo lapho, iqulu lamadoda alinganiselwa ku-10 abehlomile agasela e-GK Pather Jewelers ePavilion ngaphambi kwehora lesithupha ntambama abaleka nenani lezimpahla ezibalulekile elingadalulwanga.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE