Umndeni ubanjwe inkunzi ngesikhathi ulungiselela ukuhlaba imbuzi yomcimbi wesintu

Umndeni obulungiselela ukwenza isiko lapho uyohlaba khona imbuzi ubanjwe inkunzi emzini wawo eCaneside, ePhoenix, KwaZulu-Natal namuhla.

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) afike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-09:18 ekuseni. Ngokusho kwesinye sezisulu, abesilisa abane abebehlomile amhlasele ngesikhathi ephuma emotweni. Bamphoqa ukuthi abuyele emzini wakhe, lapho ahlangana khona namanye amalungu amathathu omndeni wakhe.

Abasolwa bantshontshe i-TV engu-55 inch, ubucwebe kanye nomakhalekhukhwini ngaphambi kokuba babaleke ngemoto yohlobo lwe-Chevrolet Cruze emhlophe ebilindile ne-NJ 555…. Kudutshulwe isalukazi.

Umndeni ubulungiselela ukwenza umsebenzi wesintu lapho ubuzohlaba khona imbuzi ngesikhathi sesigameko.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE